Installieren Sie die genialokal App auf Ihrem Startbildschirm für einen schnellen Zugriff und eine komfortable Nutzung.
Tippen Sie einfach auf Teilen:
Und dann auf "Zum Home-Bildschirm [+]".
Bei genialokal.de kaufen Sie online bei Ihrer lokalen, inhabergeführten Buchhandlung!
Lesisichazamazwi sesiZulu singesesithathu kwezalotshwa umufi uSolwazi AC Nkabinde. Salotshwa nguye ngesandla ngasesiphethelweni sempilo yakhe. Ngeshwa umlobi wadlula emhlabeni engakachazi ngawakhe amazwi lokho okubalula lesisichazamazwi kwezinye aziloba ngaphambilini. Noma kunjalo okuphawulekayo ngaso ukuthi ukuhlelwa kwamagama achaziwe kuhlukile kunezinye izichazamazwi azibhala ngaphambilini ngokuthi amagama achaziwe ahlanganisa isiqalo nesiqu kanti kwezinye izichazamazwi zakhe amagama awanasiqalo.
Ukuhlelwa kwamagama ngesiqu kudinga ukuthi umsebenzisi wesichazamazwi abenolwazi olujulile ngokwakheka kwamagama esiZulu. Kwakuyisifiso sombhali-ke ukuthi azame indlela yokuhlanganisa isiqalo nesiqu kulesisichazamazwi ukuze kungabinzima ukusebenzisa lesisichazamazwi noma ungenalo ulwazi olujulile ngokwakheka kwamagama esiZulu.
Kunjalo-nje lesisichazamazwi sichicilelwe ngaphandle kwemibandela ye-copyright ngoba kwakuyisifiso sikaSolwazi Nkabinde ukuthi isiZulu sithuthukiswe ngokwandisa ulwazi ngaso nangokwandisa ukusetshenziswa kwaso. Ngakhoke unelungelo lokusebenzisa nokwengeza kulomsebenzi wokugcina kaSolwazi Nkabinde ngaleyondlela ofisa ngayo ukuze luthuthukiswe ulimi lwesiZulu.